KUTHUNGATHWA ABABULALI BOMFUNDI(16)
LINDOKUHLE NGCOBO
AMAPHOYISA athungatha abasolwa ababulale umfundi wentombazane oneminyaka engu-16 ubudala.
Isidumbu sikaKhethokuhle Ncube obefunda ibanga lesi-9 esikoleni oGome High School sitholakale izolo ngakubo endaweni yakwaMnqadi, KwesakwaMthethwa ngaphansi kaMasipala uMfolozi. Lo mfundi unyamalale ngoLwesine mhlaka 31July ephume kubo ethi uyothenga i-airtime wangabe esabuya.
Iphini likaMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela Timothy Biyela uthi sekufana nenhlekelele ukubulawa kwabantu besifazane kuwadi 8 awuholayo, njengoba eveza ukuthi ngowesi-11 lo mfundi esibalweni sababulewe.
"Sithemba ukuthi siwumphakathi sonke sizobambisana namaphoyisa ukuthola ukuthi ubani obulale ikusasa lengane encane kangaka. Kuvamisile ukuthi abantu besifazane bahlukumezeke njengoba ngithi lona ngowesi-11futhi uyena omncane kunabo bonke. Isikhathi esiningi laba abake bahlukumezeke bavamisile ukuhlukunyezwa omathandana babo abasuke bethandana nabo kodwa layikhaya asisho ukuthi kunjalo ngoba akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya," kubeka Biyela.