KUTHOLAKELE ABOKUFIKA ABANGU-50 BENGENAWO AMAPHEPHA ELIMPOPO



LINDOKUHLE NGCOBO

I-Cross-Border Road Transport Agency (C-BRTA), ngokubambisana nezinye iziphathimandla zomthetho, iqhube umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha emgwaqeni nokugwema ukusebenza okungekho emthethweni emingceleni iBaobab Toll Plaza e-Musina, esifundazweni iLimpopo namhlanje.

Phakathi nomkhankaso wabo, iziphathimandla zifunde izinombolo zezimoto ezingu-1219 ngobuchwepheshe be-smart futhi zahlola izimoto ezingu-2884 sezizonke.

Abantu ababili baboshiwe ngenxa yezimvume zokushayela zomgunyathi kanti abanye ababili baboshwa ngamadiski elayisensi omgunyathi. Kudingiswe abokufika kuleli abangu-50, abangenawo amaphepha.

Ngaphezu kwalokho, amabhasi namatekisi angu-7 anqatshelwe ukusebenza. Kube necala elilodwa lokufumbathisa nelilodwa lobanjwe eshayela ephuze utshwala.

I-C-BRTA igcizelele ukuthi lo mkhankaso ungowakuzwelonke futhi uzoqhubeka. Inhloso wukuqeda ukungalandelwa komthetho emigwaqweni nokuvikela abasebenzisi bomgwaqo.