KUTHOLAKALE ISIDUMBU ESONAKELE EHLATHINI LASE PALMVIEW


LINDOKUHLE NGCOBO 

INDIDA kutholakala isidumbu somuntu wesilisa esonakele ehlathini  lasePalmview,  Phoenix namuhla.

Kuvela ukuthi onogada bakaRUSA bebelandela umkhondo wesidumbu esisehlathini. Kulandela ukumiswa ngowesifazane emgwaqeni uR102, ePalmview. Lo wesifazane utshele onogada ukuthi ngoLwesihlanu mhlaka 29 August 2025 ubone umuntu oshonile ehlathini.

Lo wesifazane udalule ukuthi usemise izimoto zamaphoyisa amahlandla amabili, ewabikela ukuthi kunesidumbu somuntu esisehlathini. Ngokusho kwalo wesifazane abakwasidlodlo bamutshele ukuthi bazobuya kodwa bangabuya(abakasidlodlo).

Nebala ngesikhathi lo wesifazane etshela abakaRUSA bayile ehlathini nokuyilapho bethole isidumbu sowelisa sesonakele. Umufi utholakale egqoke isikibha esi maroon, iblukwe elimnyama nemasokisi amanyama.