KUSOLWA UBUDEDENGU KUSHONA ABAHLANU ENGOZINI




LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSOLWA ubudedengu bomshayeli engozini enyantisa igazi okushayisane kuyo iveni nemoto encane, kwashona abantu abahlanu emgwaqweni uR66 eNyezane, eGingindlovu izolo ebusuku. 

Kuvela ukuthi kwabahlanu abashonile kubalwa nezingane ezimbili, eneminyaka engu-3 ubudala nenezinyanga ezimbili ubudala, ebebehamba ngemoto encane. Kule ngozi kulimale abantu abangu-7 kubo okukhona nezingane ezine ezingaphansi kweminyaka engu-14 ubudala.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Ndabezinhle Sibiya  udalule ukuthi imoto encane yohlobo lweHyundai Grand i10 ibithwele abantu abangu-8, isuka eThekwini ibheke KwaNongoma. Wathi Imoto yesibili iveni iFord Ranger LDV ibibheke eGingindlovu ithwele abantu abane.

"Uphenyo luveza ukuthi umshayeli weFord Ranger uhlulwe ukuyilawula yaphaphalaza yashiyisa iHyundai Grand i10 ngaphambili. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini yezisulu," kubeka uSibiya.