KUSOLWA INGCINDEZI YABATHIZE KUVALELISA UMHOLI WEQEMBU


Sizwe Blose 

Abazikhulumela phansi bathi bekungayona intando yakhe umholi weDA, uJohn Steenhuisen ukushiya kuleli qembu.

USteenhuisen uthuse abaningi ngesikhathi ethi usezibeka phansi izintambo zokuhola leli qembu

Lo mholi ubesehole iDA amahlandla amabili. Kuvela ukuthi kunokungenami noma kunengcindezi kwabathize edalwa  indlela ahola ngayo. Kusoleka ukuthi kulabo kukhona noHelen Zille. Kanti kithiwa awuhlali kwiDA uma ungatholani kahle noZille.

Kwayena uSteenhuisen, kuvela ukuthi ubeke axhaphaze ikhadi leDA ngokulisebenzisa ezintweni ezingahlangene neqembu.

Uphumele obala namhlanje washo ukuthi ujoyine iDA eminyakene engu 27 eyedlule, khona la eThekwini, wathi ingakho noma eseyeka ethathe isinqumo sokubuyela edolobheni lapho aqala khona.

Uthembise ukumeseka ozongena kulesi sikhundlala ngo-April.