KUSINDE ABABILI KUSHA INDLU EMONTCLAIR
LINDOKUHLE NGCOBO
BAKHOMBISE ubuqhawe abesilisa ababili ngesikhathi betakula abantu ababili asebekhulile ebebevaleleke endlini eshayo eMontclair, eningizimu yeTheku, izolo ebusuku.
Kuvela ukuthi uMnuz Derek Chirwa noMnuz David Phiri badele izimpilo zabo, basukuma ngokuphazima kweso bangena nezicabha endlini eshayo. Isenzo salaba besilisa siholele ekutheni ziphume ziphila izithandani eziphakathi kweminyaka engu-70 ubudala.
UNgqongqoshe wezokuBusa nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal(KZN) uMfu Thulasizwe Buthelezi uncome isenzo sikaChirwa noPhiri ngokuhlenga imiphefumulo emibili.
"Nginxusa izakhamizi zaKwaZulu-Natal ukuthi ziqaphele kakhulu ngoba kuyisikhathi sasebusika, isona sikhathi esijwayele ukuba nezingozi zomlilo eziningi," kuchaza uButhelezi.