KUSINDA KUYEHLELA KWI MK PARTY


Umkhonto Wesizwe Party oholwa uMnuz Jacob Zuma ubonakala ugubuzelwe izinkinga eziningi. Iningi labantu lisazama ukwetshisa udaba luka Floyd Shivambu nokuxoshwa njengo Nobhala. Nakhu sekuphinda kuba nenkinga kaSotswebhu Colleen Makhubela, okuthiwa amanye amalungu eMK Party eNational Assembly awayizwa indaba yakhe, bafuna aphume ekubeni usotswebhu, bamsola ngokuba undlovu kayiphikiswa.