KUSHONE UNOGADA KUBANJWA INKUNZI
LINDOKUHLE NGCOBO
ISHOBOLO kudutshulwa kubulawa unogada emgwaqeni uLenny Naidu, eChatsworth namuhla.
Kuvela ukuthi umufi olinganiselwa eminyakeni engu-40 ubudala ushonele endaweni yesigameko ngemuva kokudubuleka esifubeni ngesikhathi ezama ukuvimba abasolwa ebebebamba inkunzi.
Omunye umuntu olimale kulesi sigameko, uqale wathola ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Okwamanje akukaboshwa muntu ngalesi sigameko amaphoyisa asaphenya.