KUSHONE OYEDWA KWALIMALA ABAYISITHUPHA EMGUNGUNDLOVU
KUSHONE umuntu oyedwa, kwalimala kabi abantu abayisithupha engozini eyenzeke emgwaqeni uR56 eNorthdale, eMgungundlovu. Kule ngozi kushayisane kabi izimoto ezincane ezimbili neveni elidonsa izimoto.
Kuvela ukuthi umufi ushone ngenxa yomlilo obuvutha emotweni abehamba ngayo. Abezimo eziphuthumayo bafike imoto isavutha umufi evaleleke ngaphakathi. Nokho bakwazile ukucisha umlilo.
Lo mgwaqo usavaliwe, kunxuswa abashayeli ukuba basebenzise eminye imizila.