KUSHONE ABATHATHU KWALIMALA ABAYISITHUPHA KWEYELOLI NEVENI


Lindokuhle Ngcobo 

KUDLULE emhlabeni abantu abathathu  kwalimala abasebenzi basemgwaqweni abahlanu, ngesikhathi kutholana phezulu iloli neveni emgwaqeni uN3, eNtshongweni entshonalanga yeTheku namuhla.

Kuvela ukuthi ngemuva kokuthi iveni lishayisane neloli, libe(iveni) seliphaphalaza lishayisa umgoqo womgwaqo. Nokuyilapho iveni lishayise khona abasebenzi  maqede lavutha amalangabi.

Kule ngozi kuphinde kwalimala kabi umshayeli weloli. Bonke abashonile bebehamba ngeveni. Ayikaziwa okwamanje imbangela yale ngozi amaphoyisa asaphenya.