KUSHONE ABATHATHU KWALIMALA ABANGU 8 ENGOZINI YETEKISI
KUDLULE emhlabeni abantu abathathu, okubalwa kubo nomshayeli wetekisi ngesikhathi kuginqika itekisi emgwaqeni uParis uma uqeda ukuphuma kuN12, eDaveyton esifundazweni iGauteng namuhla.
Kule ngozi kuphinde kwalimale kabi abantu abangu 8, abaphuthunyiswe esibhedlela. Uphenyo lwamaphoyisa oqhubekayo luveza ukuthi umshayeli uhlulwe ukulawula imoto, ngemuva kokudutshulwa umuntu obehamba ngemoto ebiphambana netekisi.
Amaphoyisa kazwelonke ngokubambisana namaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni basaqhuba uphenyo endaweni okwenzeke kuyo le ngozi. Njengamanje umgwaqo usavaliwe. Abomthetho banxuswa abashayeli bezithuthi ukuba basebenzise eminye imizila.