KUSHONE ABANE ENGOZINI YELOLI NEMOTO EMPUMALANGA
Kudlule emhlabeni abantu abane, ngesikhathi kushayisana iloli nemoto encane emgwaqeni uR23 phakathi kwasePerdekop naseStanderton, eMpumalanga namhlanje.
Kuvela ukuthi bonke abashonile bebehamba ngemoto encane, okubalwa kubo nomshayeli.
UNgqongqoshe wezokuPhepha komphakathi eMpumalanga uMnuz Jackie Macie usedlulise amazwi enduduzo emndenini wabashonile. Waveza ukukhathazeka ngesibalo sezingozi ezenzeke kulo mgwaqo.
"Lo mgwaqo usuqala ukuba yinkinga, usuphenduka isizinda sezingozi, kumele kuqiniswe ezokuphepha kuwo nakweminye imizila. Abashayeli nabo kumele babambe iqhaza ngokushayela ngokucophelela," kubeka uMacie.