KUSHONE ABAHLANU ENGOZINI YAKU-N1
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHONE abantu abahlanu ngesikhathi kugingqika itekisi ebebehamba ngayo emgwaqeni uN1 North, eMidrand esifundazweni iGauteng namuhla.
Kuvela ukuthi baningi abantu abalimele kule ngozi kanti abahlanu balahlekelwe umphefumulo. Njengamanje abezimo eziphuthumayo nabomthetho basendaweni yesigameko.
Le ngozi isiholele ekutheni kuvalwe umgwaqo oya kwesokudla phakathi kuka Buccleuch Interchange no-Allandale.
Amaphoyisa aseGoli (JMPD) anxusa abashayeli bezithuthi ukuthi bagwema ukusebenzisa lo mgwaqo ngenxa yokuthi usaphazamisekile.