KUSHONE ABAFUNDI ABATHATHU KWALIMALA ABANGU-11 ENGOZINI YASEMBALI
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHONE abafundi besikole abathathu kwalimala abangu-11 engozini eyenzeke namuhla endaweni yaseMbali, eMgungundlovu.
Le ngozi yenzeke ngesikhathi itekisi ebithwele abafundi iphaphalaza iphuma ngaphandle komgwaqo uT6 yayoshayisa isakhiwo senkulisa. Ngenhlanhla abafundi basenkulisa kade bedlala ngaphandle kwesakhiwo ngesikhathi kwehla lo mshophi.
Ngeshwa abafundi ebebekade bethwele itekisi babeyizisulu kule ngozi. Mubi umphumela wale ngozi njengoba kudlule emhlabeni izingane eziphakathi kweminyaka engu-9 kuya kwengu-11 ubudala. Abalimele baphakathi kweminyaka engu-9 kuya kwengu-15 ubudala. Kuvela ukuthi ababili basesimeni esibucayi kanti abayisishagalolunye balimale kabi.
Imbangela yale ngozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa athathe umshayeli olimele esimongo ukuyomphenya kabanzi ngale ngozi.