KUSHONE ABABILI ENGOZINI EYENZEKE KWASWAYIMANE
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHONE abantu ababili ngesikhathi kugingqika imoto ebebehamba ngayo, eweni kwaSwayimane, ngaphandle kwaseMgungundlovu, izolo.
Laba batholakale namuhla ngemuva kokuthungathwa amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngendiza enophephela emhlane. Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi, kuyo okudlule emhlabeni uMama Shabalala obeshayela imoto noNksz Lona Madlala obengumfundi wakaGrade 12.
Kuvela ukuthi le moto, uNksz Shabalala obengumama okhulisa izingane yedwa, uyithengelwe(imoto) izingane zakhe ngonyaka odlule (2025) zimbonga ngokuzikhulisa.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uthi kubuhlungu ukudlula emhlabeni kwabantu besifazane ngosuku lwabo(abesifazane). Wadalula ukuthi ithimba lezimo eziphuthumayo lisebenze kanzima ukutakula izisulu, njengoba zitholakale endaweni engu-800 ukuya phansi.
"Ngiyalele ithimba lami ukuba lihlelele amalungu emndeni osonhlalakahle, ukuze ezothola ukwelulekwa ngobuchwepheshe," kubeka uDuma.