KUSHINTSHE IZINHLELO KUCATSHANGELWA UMSAKAZI


Umsakazo ongenisa inzuzo uzogadla  ngensizwa eke yaba kwiBig Brother, u-Ashay Sewial.

 Igagasi FM lithuse abaningi ngesikhathi limemezela ukuthi lizokuba nezinguquko ezinqala ezizothinta uhlelo lwasekuseni nalolo lwantambama.

Kuthe namhlanje ekuseni ladedela isitatimende esithi uSelbeyonce  ogama lakhe langempela uSelby Mkhize, usezongena ekuseni, ugama lohlelo seluzobizwa Breakfast with Felix and Selbeyonce. Liveze ukuthi uzobambisana noFelix Hlophe njengoba uHlophe evele ekulolu hlelo. 

Kuzothi ntambama kungene kwiFastlane kungene uSpectacular  ozobe ebambisene noMinnie Ntuli obenza uhlelo lwasekuseni noNaves.

U-Ashay uzongena noMkay kanjalo noSiphokuhle ngeMigqibelo kusuka ngo 16.00 kiya ku 19.00. Ohlelweni olubizwa ngoMsindo Takeover.
Lezi zinguquko kulindeleke ukuthi ziqale ukuzwakala kusasa ngoMgqibelo.

Isizathu esiphoqelele lezinguquko, ngokwesitatimende kube ukuthi uMinnie Ntuli usanda kuthola ingane kanti noSelbyonce uzosizakala ngalezi zinguquko njengoba ephinde abe ngumlingisi.

Ngokujwayelekile lomsakazo uyaye wenze izinguquko ngo-April  lapho okusuke kuqala unyaka omusha wezimali kulona.