KUSASA UNTULI UZOBHEKANA NEVOTI LOKUNGABETHEMBI UBUHOLI BAKHE LIVELA KWI MKP
IMKP esishayamthetho seyiphakamise ukungabethembi ubuholi buka Ndunankulu wesifundazwe, uThami Ntuli.
Ifuna lolu daba ludingidwe ngoLwesine, lona lolu lakusasa. Leli qembu lithi uNtuli waqamba amanga ngohambo lwakhe lwaseMelika, wathi lidle imali yabakhokhi bentela uR700 000 ekubeni kwaba imali edlulile ku 2 million. Iveze ukuthi ilungu leSishayamthetho akumele liqambe amanga ngoba lisuke lifungile.
Kanti iMKP iphinde ithi uNtuli uqashe abantu abajwayelene naye kuleli hhovisi likaNdunankulu abanye asuka nabo eKing Cetshwayo.
Ukungabethembi ubuholi baNtuli buzodingidwa kube sekuba nevoti lamaqembu amelelekile ephalamende.
Njengamanje kune EFF, ANC, DA, NFP, IFP nayo iMKP.
I-IFP, DA, NFP ne-ANC bakuhulumeni wokubambisana kumbe babambisene kulohulumeni okhona. Kungenzeka ithwale kanzima iMKP uma ivoti lingayona imfihlo. Okunye okungayenza ithwale kanzima ukuthi eMkhanyakude kunamahlebezi athi uSphile Mdaka uyabuya njengeMeya nokuyinto ebeyikhalisa kakhulu i-ANC.