KUSASA KUFAKAZA UKHOMISHANA WAMAPHOYISA KUZWELONKE UFANNIE MASEMOLA


SIZO BLOSE 

Kuya ngokushuba kwiKhomishini  kaJudge Madlanga, njengoba kuzothi kusasa ngoMsombuluko kungene uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke  uFannie Masemola, azofakaxa ngakwaziyo okumayelana nokukhohlakala okwenzeka emaphoyiseni.

Kuzokhumbuleka ukuthi esontweni esiphuma kulona bekufakaza uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi. UMkhwanazi ugcine ethusa abaningi ebala abantu abaningi abahlonishwayo ezenzweni zenkohlakalo.

Kwabanye esekuvele amagama abo, kungabalwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, Bheki Cele oke waba uNgqongqoshe wamaPhoyisa, abezindaba njengoMzilikazi wa Afrika, Vusi Cat Matlala nabanye abaningi.

Kulindeleke ukuthi uMasemola ahambe ezinyathelweni zikaMkhwanazi.