KUQOPHEKE UMLANDO IPIRATES IWINA IMTN 8


SIZO BLOSE 

Umqeqeshi weStellenbosch FC akavumelani nomphumela wayizolo weMTN 8 Final, ebeyibanjelwe eMbombela Stadium, eMpumalanga phakathi kwezakhe, iStellenbosch ne-Orlando Pirates, lapho iBhakhaniya linqobe ngo 3-0.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uSteve Barker uthe, lomdlalo bewungawinwa nayinoma iliphi iqembu njengoba uphele ngo 0-0 kulemizuzu engu-90 ebekiwe.

Uthe iPirates ibe nobuhlakani obukhulu ebuveze esikhathini esengeziwe, negcine ibehlula ngabo. 

"Ishaye igoli lokuqala yalandela ngelesibili, kwacaca ukuthi seyiwuthathile umdlalo ngoba elesithathu besivele sesingasekho kulo mdlalo," kuchaza uBarker oncome abadlali bakhe ngokuzimisela kwabo waphinde wabongela nePirates.

IPirates iqophe umlando njengoba besekungokwesine kulandelana inqoba lendebe.