KUPHENYWA IMBANGELA YENGOZI YETEKISI NELOLI KU-N3 EBERGVILLE
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHONE abantu abane engozini enyantisa igazi, eyenzeke ngesikhathi kushayisana itekisi neloli emgwaqweni uN3, eBergville namuhla.
Abezimo eziphuthumayo namaphoyisa basendaweni yesigameko ukuphenyajjn̈ĺ ngembangela yale ngozi. Kunxuswa abashayeli bezithuthi ababheke eGauteng abahamba kulo mgwaqo okwenzeke kuyo le ngozi, ukuba bashayela ngokucophelela.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uyiqinisekisile le ngozi, waveza ukuthi okwamanje usanolwazi lokuthi le ngozi idlule nemiphefumulo engu-4. Wadalula ukuthi ithimba lakhe liphezu komsebenzi wokuthola imindeni yabashonile.
"Ngicela abashayeli bashayele ngokucophelela ngoba sonke sinenselelo yokwenza isiqiniseko sokuthi kuphelile emgwaqeni. Ucwaningo liveza ukuthi izingozi ezingu-87% zidalwa ubudedengu babashayeli," kuchaza uDuma.
Le ngozi yenzeke nje, ngesonto eledlule kushone abantu abayisithupha, engozini yeloli elithwala umoba nemoto encane emgwaqweni uN2 eMatikulu. Kwabashonile kubalwa nabahlanu basemndenini owodwa.