KUPHELILE UKUQAGELA NGE-LINEUP YEGAGASI FM


Kuphelile ukuqagela ngeLine up yeGagasi FM. Lo msakazo umemezele iLine Up yale season izolo eBrown Sugar, eMhlanga. 

Isikhulu esangamele abasakazi u-Ayanda Melansi uqale ngokumemezela izinhlelo zangempelasonto.
Ube esekhipha lezo ebezilindeleke kakhulu zansukuzonke. INews Avenue yabika ukuthi uLinda Sibiya uzongena ngo 4-6, iqiniso ukuthi iNews Avenue beyiyibambile kodwa ifake amahora amabili, kanti ihora elilodwa. Uzongena ngo 5 kuya ku 6 nsukuzonke. INews Avenue yaphinde yathola ngemithombo yayo ukuthi uFelix uyabuya ngo 6-9 nangempela ukhona. INews Avenue ibe ngeyokuqala ukudalula ukuthi uMzo Gumede uyabuya ngo 12-15 nangempela ukhona uzongena noLuyanda.

Abanye esingababala uSizwe Sibisi ozongena ngoMgqibelo ekuseni. Uhlelo abelwenza ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngo 7-10 selizokwenziwa uDJ Happygal noDJ Sonic.
Ezinye izinguquko zizotholakala kwikhasi le News Avenue.