KUPHELILE NGABAFANA ABAHLE KWI GAGASI FM
INews Avenue ngokomthombo wayo ongashayi phansi, ingakuqinisekisa ukuthi kuphelile ngohlelo obelwenziwa uDJ Sonic ebambisene noKhaya Mthethwa, iMidday Connexion.
Laba bobabili bebedume kakhulu kubalaleli ngokuthi bangabafana abahle, bephinde bethi, imnandi iradio emini.
Umthombo weNews Avenue othembekile uthe, kuxoxwa ngokushintshwa kwezinhlelo nje, uKhaya Mthethwa kudala wakuveza ukuthi ngeke esaqhubeka nalolu hlelo.
Kanti uSonic kuvela ukuthi angase atholelwe olunye uhlelo. Amahemuhemu angaqinisekisiwe athi, lolu hlelo luzokwenziwa uMzo Gumede oke wasakaza kulo msakazo kanti njengamanje okwi Vuma FM lapho enza khona uhlelo lwantambama.
Kulona iGagasi FM, kuvela ukuthi lingase lilaxazwe uFelix Hlophe owethula uhlelo lwasekuseni kwiGagasi FM. INews Avenue ingakuveza ukuthi lo msakazi uke waba nezingxoxo noKhozi FM.
Abasondelene nalesi simo sebeke bakuveza ukuthi ukuvela kwezindaba zokuthi uLinda Sibiya angase ajoyini iGagasi FM kumenze wangahlaliseka kahle.
Ngesikhathi INews Avenue ithinta isikhulu seGagasi FM mayelana nokuthi iphuma nini iLine up. Uphendule wathi okwamanje bamatasa namalungiselelo omcimbi abavamise ukuwenza uma bezomemezela izinguquko. Wale waphethe ukupotshozela iNews Avenue ukuthi obani elizoba nabo abasha njengoba kuqala unyaka omusha.
Khonamanjalo kuKhozi FM, ngaphandle kokubikwe INews Avenue izolo ngoDudu Khoza, Sipho Mbatha, Lucky Moloi, Sphongo Dladla, Nkosinathi Mshengu. Njengamanje kuvela ezokuthi uMandla Mdletshe usulile kulo msakazo kodwa yena uqashwe ngokuphelele. Uma kwenzeka usebenzisa lolu daba singakuthokozela ukuthi ukuveze lokho.