KUPHELE ISOMISO SEMINYAKA IPIRATES INQOBA ESELIGI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuphele isomiso seminyaka engu-14, i-Orlando Pirates FC inqoba isicoco seligi iBetway Premiership. Amabhakabhaka anqobe lesi sicoco ngemuva kokushaya i-Orbit College FC ngo-2-0 eMbombela Stadium, eNelspruit namhlanje.

Amagoli ePirates kube ngumkhonto ogwaze ekhaya, ngesikhathi unozinti woMswenko Boys uSabelo Nkomo echithela ibhola, abelibanga noThalent Mbatha, phakathi enethini ngomzuzu ka 45+5, noNdumiso Ngiba ngomzuzu wama-49 ushaye igoli epalini langakubo engaphansi kwengcindezi kaYanela Mbuthuma.

Amabhakabhaka aqede ukubusa kweMamelodi Sundowns FC ebithathe iligi izikhathi ezingu-8 zilandelana.

Umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uqophe umlando ngokunqobisa leli qembu isicoco seligi ngesizini yakhe yokuqala.

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uthi usebenze ngokuzinikela nangothando. Wathi kunzima ukuhola iqembu elikhulu njengePirates.

"Kube isizini enzima kakhulu, ngikhathele kakhulu. Ngizohlala phansi ngicabange. Ngizohlala phansi nabaphathi beqembu. Ngikhathele sizokhuluma mayelana nesizini ezayo. Ukuthi ikuphi okungenzeka. Ngidinga umdlandla, ngidinga amandla. Kuzoba nzima ukuqhubeka, sizohlala phansi. Kube isizini ende enengcindezi enkulu. Sizokhuluma, sizobona," kusho u-Ouaddou.