KUPHELE INKUNGU ENTSHENI EBEYIQEQESHWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Inkungu isuke emehlweni kubantu abasha abangaphezulu kuka-100, ebebeqeqeshelwa amakhono obuchwepheshe besimanje ngaphansi kohlelo iYouth Tech Rise Bootcamp ne-Youth Digital Media and Film Indaba.

Lokhu kuvele ngesikhathi le ntsha ithola izitifiketi zayo ngemuva kokuqeda lolu hlelo, e-Estcourt City Hall, ngaphansi koMasipala i-Inkosi Langalibalele namhlanje.

Ekhuluma egameni labafundi, u-Esethu Gamede uthe kulolu hlelo ufunde izindlela ezintsha zokusebenzisa umakhalekhukhwini. Wathi intsha eningi inomqondo webhizinisi. 

“Inkinga yethu enkulu wukuthi asazi ukuthi singaqala kanjani amabhizinisi ethu. Sidinga uxhaso kodwa okuningi esikufunde lapha kuzosisiza siqale amabhizinisi ethu,” kusho uGamede.

IPhini likaNgqongqoshe wezokuXhumana nezobuChwepheshe, uMnuz Mondli Gungubele, uthe kubalulekile ukufundisa intsha ngobuchwepheshe besimanje. 

“Eminyakeni eyishumi ezayo, u-70% womnotho uzosukela kubuchwepheshe besimanje. Ngakho kuyaphoqa ukuthi intsha ibenolwazi olunzule ngobuchwepheshe,” kubeka uGungubele.

Lolu hlelo luxhaswe yiMkhambathi Chamber of Commerce & Industry eholwa nguMnuz Simphiwe Mngoma.