KUPHELE AMAHLATHI KUBOSHWA USOMATEKISI
LINDOKUHLE NGCOBO
KUPHELE amahlathi kuboshwa usomatekisi odumile eMpumalanga uJoe "Ferrari" Sibanyoni nabanye abasolwa ababili.
USibanyoni uboshwe namuhla ngezinsolo zokufuna ngodli imali kosomabhizinisi nokufumbathisa.
Igama likaSibanyoni liyavela kwiKhomishana KaMadlanga mayelana nobudlelwane bakhe(uSibanyoni) noVusimuzi "Cat" Matlala ngokubandakanyeka kwakhe ezimpini zamatekisi.
USibanyoni waziwa ngokuba namatekisi angaphezulu kuka 400, akhiqiza imali engaphezulu kuka- R 18 million ngenyanga.
Kulindeleke ukuthi uSibanyoni avele enkantolo kaMantshi yaseKwaggafontein, eKwaggafontein esifundazweni iMpumalanga, kusasa mhlaka 13 May 2026.