KUNXUSWE AMADODA KA ANC UKUTHI AYEKE UKUHLEBA


Sizwe Blose 

Kuphume izinkumbi zabantu kufihlwa uNtombifuthi Cheryl Sisoka, eLamontville, lapho okukade kubekwe itente elikhulu.

Inkonzo yokuphelezela uCheryl iqale ngamalungu omndeni kanjalo nalabo ebebesondelene naye. Kukhulume umngani wakhe omkhulu uNtokozo Ndunge, ochaze ukuhlangana kwakhe noCheryl, okube wudaba oluthinte abantu abaningi.
Kuphinde kwangena uNto Majozi ongomunye wabangani baCheryl abakhulu. 

Uchaze uCheryl njengomuntu obefika amtshele konke, bekufana nokuthi uthululela kuyena konke okumhluphayo
 "Ngaphambi kokuthi ashone uthe usedinga ukuthula, lokhu ekusho ephindelela," kuchaza uNto athi kanti ubesevalelisa kuyena.

UMusa Nciki uthe uCheryl ubengasabi ukuveza umbono wakhe, etshela amadoda.

 "Kodwa amadoda wona ebengamtsheli ngqo, abemhleba. Ngithi mina amadoda e-ANC awayeke ukuhleba," kusho uNciki.

Lomcimbi kade uhanjelwe ubuholi bukazwelonke, obesifundazwe, owesifunda kanjalo nobuholi bamagatsha.