KUNXUSWA UMPHAKATHI UKUBA UBIKE NGOBUGEBENGU
KUKHUTHAZWA umphakathi ukuba ubike ngobugebengu ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha emphakathini, nokuletha isixazululo somthetho.
Lesi siphakamiso sivele namuhla ngesikhathi uMnyango wezoMthetho namaphoyisa aseNkandla behambele indawo yaseThalaneni, eNkandla.
Lolu hambo luyingxenye yohlelo lokusondeza eduze izinsiza zikahulumeni emphakathini. Njengoba kufundiswe umphakathi ngezomthetho, waphinde wakhunjuzwa ngamalungelo. Kuphinde kwakhuzwa isihlava sodlame lobulili oludla lubi kuleli.
Ekhuluma uMeya woMkhandlu waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza udalule ukuthi uMkhandlu usazoqhubeka nokunxusa iminyango kahulumeni ukuba isondele nezidingo emiphakathini.
"Izindawo zaseNkandla ziqheleli namadolobha amakhulu okuyilapho iminyango kahulumeni izinze khona" kubeka uNzuza.
Eminye iminyango ehambele le ndawo: uMnyango wezeMpilo, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi noMnyango wezeMfundo ePhakeme.