KUNXUSWA ABASHAYELI UKUTHI BASHAYELA NGOKUCOPHELELA


LINDOKUHLE NGCOBO

UMCULI KaMaskandi uKhotha SA usenxuse abashayeli bezithuthi ukuba bashayele ngokucophelela emgwaqeni.

 Kulandela ukudlula emhlabeni kwamagidangoma akhe amane, engozini eyenzeke eBergville ngeSonto. Kule ngozini kushone abantu abahlanu kubalwa nothisha. 

Namuhla uKhotha unikele ekhasini lakhe lakuFacebook waxwayisa abashayeli bezithuthi ukuba bagawule babheke emgwaqeni. 

"Bafowethu nishayele niqaphele iyaphela imndeni yabantu emgwaqeni, asihlonipheni umgwaqo isililo esingaka emndenini angikhoni nokubhekana nabazali babafowethu ngoba bese bethembe mina ngezingane zabo," kubeka uKhotha. 

Lo mculi ulahlekelwe uMnotho "Nkunzevava" Mngomezulu oneminyaka engu-2 ubudala obethandwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, Thabile Mahlangu(21),  Lungelo Makhungo (14), noMusa Mngomezulu.

UKhotha uphakamisa lesi sexwayiso nje, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Siboniso Duma  uveze ukuthi kunzima kulesi sifundazweni njengoba kudlule emhlabeni abantu abangaphezulu kwabangu-20 ngenxa yezingozi zomgwaqo ezahlukene. 

Kubalwa ingozi eyenzeke kwaDlangezwa ngeSonto, edlule nabantu abane kubalwa nezelamani zakwaFakude ezintathu. Kube ingozi eyenzeke KwaMpumuza, eMgungundlovu ngoMsombuluko ebusuku edlule nemiphefumulo eyisikhombisa. 

"Sithukile futhi asikholwa ngoba izingozi zomgwaqo eziningi zenzeka ngempelasonto nangoMsombuluko. Sithemba ukuthi uxhaso lukahulumeni nelomphakathi waKwaZulu-Natal lizoqinisa imindeni ikwazi ukubhekana nesimo," kubeka uDuma.

Ephetha uDuma udalule ukuthi uMnyango uzimisele ukuvakashela yonke imindeni elahlekelwe amalungu ayo, ukwenza isiqiniseko sokuthi afihlwa ngesizotha.