KUNXUSWA ABAFUNDI UKUTHI BAQAPHELE IZIKOLE ZOMGUNYATHI


Lindokuhle Ngcobo 

KUNXUSWA abafundi abafuna izikhala ezikhungweni ezizimele, ukuba baqaphele izikhungo ezingombombayi.

Lesi sexwayiso sikhishwe uDkt Makhapa Makhafola weSouth African Qualifications Authority (SAQA) ngesikhathi ekhuluma nenhlangano yezindaba i-eNCA. 

UMakhafola uthi ngaphambi kokuba abafundi babhalise esikhungweni, kubalulekile ukubheka ukuthi isikhungo sibhalisiwe ngaphansi koMnyango wezeMfundo ePhakeme. Wathi ngisho ngabe isikhungo esizimele kodwa kumele sibhaliswe ngaphansi koMnyango.

"Okwesibili kumele ubheke ukuthi izifundo zabo zibhalisiwe. Lezi zinto engizibalayo kumele uzifice odongweni lesikhungo. Uma zingekho, ungacela inamba ababhalise ngayo kwaSAQA, uzozibhekela. Abafundi bangavakashela iwebhisathi yoMnyango wezeMfundo ethi: https://www.dhet.gov.za noma yakwaSAQA ethi https://services.saqa.org.za/," kuchaza uMakhafola.

Lesi sexwayiso siphuma nje ngoMsombuluko mhlaka 12 January 2026, kulindeleke ukuthi kukhishwe ngokusemthethweni imiphumela ka-Matric 2025.