KUNGASE KUHLEHLISWE UBUFAKAZI BUKA-ADAMS KWIKHOMISHANA KAMADLANGA
LINDOKUHLE NGCOBO
Abukeka emancane amathuba okuba ilungu lePhalamende elimele iNational Coloured Congress (NCC), uFadiel Adams, liqhubeke nokwethula ubufakazi balo namhlanje phambi kweKhomishana kaJaji uMadlanga. Lokhu kulandela ukulibeleka kokuhanjiswa kwemibhalo esemqoka.
Ngokwesitatimende esikhishwe yikhomishana esichaza ngezinkinga zomthetho nezikhathi zokuhanjiswa kwemibhalo. Kuvela ukuthi abaholi bobufakazi bathole incwadi efungelwe (affidavit) kanye nezinye izincwadi ezihambisana nayo emva kwehora lesi-21h00 izolo, ngoMsombuluko ebusuku.
Lokhu kudale ukuthi amathimba ezomthetho engabi naso isikhathi esanele sokufunda, ukuhlaziye nokulungiselele imibuzo efanele ngobufakazi obulethwayo. Ngenxa yalokhu kubambezeleka, kungenzeka isinqumo sokuhlehlisa ukwethulwa kobufakazi sibe ngeyona ndlela efanele.