KUNGASE KUBHEDE KU RADEBE NO MABUYAKHULU


UNobhala Jikelele we-ANC usephumele obala ngabaholi beProvincial Task Team yalenhlangano KwaZulu Natal ukuthi ayikho lendaba yabo.

UFikile Mbalula ubekhuluma esithangamini sabezindaba kwiNational General Council, izolo eBirchwood Hotel, eBoksburg.

Lobu buholi bePTT buholwa uJeff Radebe noMike Mabuyakhulu.
INews Avenue Podcast ike yaba nengxoxo ekhethekile noMabuyakhulu lapho eyambuza khona ngengxabano okuthiwa ikhona phakathi kwakhe noRadebe, waphika walala ngomhlane.

 UMbalula ukusho kwacaca ukuthi, "sithume abantu ukuthi bayohola abantu bayise i-ANC phambili, abantu babuyelwe nayithemba bona balwa bodwa. Sizobuhlakaza ubuholi obukhona, ngoFebruary sizobe  abasha abazohola iPTT ye-ANC KwaZulu Natal,"kusho uMbalula.

Imizamo yokuthola uMabuyakhulu noRadebe ayiphumelelanga.