KUNAMAPHINI OKUNGACACI UKUTHI AHOLELWELANI EMAPHOYISENI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Awucaci umsebenzi owenziwa amaphini kaNgqongqoshe wamaPhoyisa.

Lokhu kucace bha kwi Ad Hoc Committee, ephenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.

 Namhlanje kuphekwa ngemibuzo uCassel Mathale oyiPhini likaNgqongqoshe. Ubuzwe ukuthi wenzani njengePhini likaNgqongqoshe, uMathale uvele wangena ezintangeni kwangacaca ngempela ukuthi wenzani.

 Uze wabuzwa nosuku lakhe ukuthi luhamba kanjani kusukela ekuseni, wavele wathi banohlelo lwenyanga kodwa akasho  ukuthi wenzani nephini lakhe. 

Kulomnyango kunamaphini amabili, kube uNgqongqoshe osamisiwe kube uNgqongqoshe osabambili, kuke kwaba nanoGwede Mantashe. Bonke laba badla imali kahulumeni.

Khonamanjalo sekuvele ukuthi wasithatha yedwa isinqumo sokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki(PKTT) KwaZulu-Natal uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu. 

Lokhu kuvezwe iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Cassel Mathale namuhla ngaphambi kwekomiti lasePhalamende, eKapa. 

UMathale utshele ikomiti ukuthi uMchunu wenza okungajwayelekile ngesikhathi ehlakaza lolu phiko.

"Wakhuluma nami ngesiphakamiso sokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki (PKTT). Ekugcineni wasithatha yedwa isinqumo sokuhlakaza lolu phiko," kubeka uMathale.