KUMI NGOMUMO NGAMA METRO FM ETHEKWINI


ZIYAQHUBEKA izinhlelo zomcimbi iMetro FM Music Awards 2026, njengoba kulindeleke ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni abaqokiwe kusasa, ngehora lesi 6 ntambama. 

Lokhu kwenzeka nje bese kuqalile ukukhangiswa komcimbi ohlelweni lasekuseni, phakathi nezinsuku olusakazwa uDJ Sabby noCandice Coulsen. Kulolu hlelo kuvezwe ukuthi lo mcimbi uzoba ngomhlaka 25 April 2026, eThekwini.

UMkhandlu waseThekwini wakuphasisa ngonyaka odlule ukuthi kuxhaswe iMetro FM Music Awards ngo R20 million. Nakuba kukhona amakhansela alo Mkhandlu angahambisani nalesi sinqumo.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi wagcina ukuba seThekwini eminyakeni engu 9 eyedlule. Lapho kwasuka umsindo ngemiklomelo emine, eyanqontshwa uMrepha uNasty C, ngengoma i-Hell Naw.

Ukuvotela abazoqokwa kuzovulwa ngoLwesihlanu, 27 February 2026 kuvalwe ngo April 19, 2026.