KULINDELEKE UKUTHI UZUMA AMEMEZELE IZINGUQUKO KWI MKP NAMUHLA
Kuzothi namhlanje umholi we MKP, uJacob Zuma abe nesithangami sabezindaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma usanda kunqumela ugwayi katiki uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi esule esikhundleni.
Kuze kube yimanje uRamaphosa akakesuli.
Kulindeleke ukuthi uZuma asho ukuthi uzokwenzani okulandelayo uma uRamaphosa engasuli esikhundleni kuze kushaya isikhathi sokukhuluma nabezindaba.
UZuma ukhala ngokuthi uRamaphosa waphula eminye yemithetho ekumthethosisekelo ngokumisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu abe esefaka omunye uNgqongqoshe iFiroz Cachalia. Lokhu ukutolika ngokuthi sekunoNgqongqoshe ababili. Nathi kuphambene nomthethosisekelo wakuleli.
Ngakolunye uhlangothi, kulindeleke ukuthi agcizelele udaba lokuthi sebezobizana ngamaComrade hhayi ngoCommander.
Abaningi bakholelwa ukuthi uzomemezela noNobhala omusha njengoba engekho owavala isikhala sikaFloyd Shivambu ngesikhathi echithwa.
Sibhekwe ngabovu lesi sithangabi okulindeleke ukuthi sibe ngabo 14. 00 ntambama namhlanje