KULINDELEKE AMABHOMU WODWA KWABAZOFAKAZA NAMHLANJE




Amehlo abantu baseMzansi azobe ethe njo kwithelevishini. Namhlanje kulindeleke ukuthi Brian Mogotsi, osondelene kakhulu noNgqongqosge wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, avele kuMadlanga Commission.

 Kulindeleke ukuthi ahlale izinsuku ezimbili. UMogotsi kulindeleke ukuthi asekele lokho okwakushiwo uMchunu, aphinde adalule namagama alabo abasizwe ngemali uVusumuzi Cat Matlala.
Kanti lingase lingasali igama likaNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.

Kwenzeka konke lokhu nje esikhathini esingakanani uMogotsi usanda kusinda bezama ukumbulala, eVosloorus, abanye abantu bashaya amakhala ngalesi sigameko.

Namhlanje futhi phambi kwePhalamende, amalungu e-Ad Hoc Committee azobe ehlohla ngemibuzo Mary de Haas, naye igama lakhe elingasali ndawo. Kuzothanda ukushuba namhlanje.