KULIMALE ABATHATHU ENGOZINI YAKU-N2 EMANDENI


LINDOKUHLE NGCOBO 

KULIMALE abantu abathathu ebebehamba ngemoto eyodwa engozini eyenzeke emgwaqeni uN2 eMatikulu, eMandeni izolo.

Kuvele ukuthi imoto yabalimele ishayise inkomo, nokuthe kusenjalo kwaqhamuka enye imoto yashayisa imoto yokuqala. Nebala abekho abalimele emotweni yesibili. Bonke abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola ukwelashwa.

Le ngozi yenzeke kude buduze nengozi okushone kuyo abantu abangu-6 ngesikhathi iloli likamoba lishayisana nemoto encane. I-News Avenue ibikile ngale ngozi enyantisa igazi, kuyo okushone nomshayeli weloli otholakale kamuva ecindezelwe iloli.