KULIMALE ABANGU-6 KUSHAYISANA ITEKISI NELOLI




LINDOKUHLE NGCOBO

KULIMALE abantu abangu-6 ngesikhathi kushayisana itekisi neloli emgwaqeni uDr Chota Motala, eMgungundlovu namuhla. 

Kule ngozi babili abalimale kabi, kanti abane bathole imihuzuko. Kuvela ukuthi bonke abalimele baqale bathole ukwelashwa endaweni yesigameko, ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela. 

Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi amaphoyisa asaphenya.