KULIMALE ABANGU 19 KWASHONA ABABILI ENGOZINI EYENZEKE EBALLITO


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHONE abantu ababili kwalimala abangu-19 engozini eyenzeke namuhla emgwaqeni uM4 phakathi kweBallito  noMdloti. 

Kuvela ukuthi imoto yohlobo lweToyota Corolla ebibheke eBallito iphaphalazile yashayisa iHyundai i10. Lokhu kuholele ekutheni iHyundai ishayise itekisi. 

Kule ngozi kulimale umsebenzi kaMasipala weTheku, oshayiswe itekisi ngesikhathi esebenza emgwaqeni. Umshayeli  weCorolla ushonele endaweni yesigameko.