KULIMALE ABAHLANU ENGOZINI YAKU N3



SEKULIMELE  abantu abahlanu engozini yemoto eyenzeke emgwaqeni uN3, ePeter Brown namuhla. 

Kuvela ukuthi umshayeli wale moto uhlulwe ukuyilawula ngesikhathi imphunyuka. Lokhu kudale ukuthi iphaphalaza iphuma ngaphandle komgwaqo. 

Nokuyilapho kulimale abahlanu ebebehamba ngale moto, kubo kukhona oyedwa osesimeni esibucayi. Bonke abalimele bangeniswe esibhedlela. Amaphoyisa asendaweni yesigameko aphenya kabanzi ngale ngozi.