KULIMALE ABABILI KUSHAYISANA IZIMOTO EZINTATHU KU-N2
LINDOKUHLE NGCOBO
KULIMALE kabi abantu ababili ngesikhathi kushayisana izimoto ezintathu emgwaqeni uN2, eMkholombe, ePort Shepstone namuhla.
Kuvela ukuthi oyedwa wabalimele utakulwe abezimo eziphuthumayo evaleleke emontweni. Bonke abalimele bangeniswe esibhedlela ukuze bezothola ukwelashwa.
Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi. Kucelwa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelele ngasosonke isikhathi, ikakhulukazi uma umgwaqo umanzi ngenxa yesimo sezulu.