KULIMALE ABABILI ENGOZINI YEMOTO KU-R34
LINDOKUHLE NGCOBO
KULIMALE abantu ababili ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo igingqika amahlandla amaningi, emgwaqeni uR34, eNewcastle namuhla.
Abezimo eziphuthumayo baveza ukuthi bonke abalimele baqale bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba bangeniswe esibhedlela.
Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi, amaphoyisa asaphenya.