KUKUSHIYA UBAMBE ONGEZANSI OKWENZEKA EMAPHOYISENI AKULELI


LINDOKUHLE NGCOBO

KUGQAME uqhekeko phakathi kukaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi neSekela likaKhomishana wamaphoyisa kazwelonke uLt General Shadrack Sibiya. Kulandela ukuthi uGeneral Mkhwanazi ephumele obala ngezinsolo zokuthi, uSibiya usebenzisana nezigebengu. UMkhwanazi uveze lokhu namuhla esithangamini sabezindaba eSAPS KZN Provincial Headquarters, eThekwini. 

"UNgqongqoshe wamaPhoyisa wangibiza wathi ufuna kubenokuthula phakathi kwami noShadrack Sibiya. Akusoze kwaba nokuthula phakathi kwephoyisa nesigebengu," kubeka uMkhwanazi. 

Ephawula uSibiya ngesikhathi ekhuluma nennhlangano yabezindaba iSABC, usole uMkhwanazi ngokusenga ezimithiyo. "Akekho umuntu olwisana noMkhwanazi. Uyena(General Mkhwanazi) osusa uthuthuva isidingo singekho. Okwakhe ukwenza umsebenzi KwaZulu-Natal, akayeke ukugxambukela kwezinye izifundazwe, angazi noma ufuna ukuba uNgqongqoshe wamaphoyisa yini," kubeka uSibiya. 

Eqhuba uvumile ukuthi wabakhona umhlangano owawuhlelwe uNgqongqoshe uMchunu, phakathi kwakhe(General Sibiya) noMkhwanazi. Wadalula ukuthi kwakuwumhlangano othinta umsebenzi. Esithangamini nabezindaba uMkhwanazi uphinde wakhala kakhulu ngoMnuz Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa. Umsola ngokuvala uphiko lwamaphoyisa olugxile ekubulaweni kosopolitiki, nathe luyaqhubeka ngoba ukhomishana kuzwelonke, uFannie Masemola akakaze asho lutho ngokulivala. Uphinde wathi kunensizwa engenzi kahle eNorth West, esondelene noMchunu kodwa yena uNgqongqoshe ake wathi akazani nayo kodwa kuyavela ukuthi ubexhumana nayo. Kulindeleke ukuthi uMchunu aziphendulele kungekudala, njengamanje useVryheid.