KUKHUZWA ABESIFAZANE ABAYA EMHLANGENI BEZITHWELE
LINDOKUHLE NGCOBO
UNDLUNKULU uThandekile MaNdlovu Zulu wakwaLinduzulu, uthi abesifazane abazithwele bangalinge balubhade eMkhosini woMhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo ngomhlaka 13-14 September.
Ekhuluma emcimbini wokulungiselela ukuya eMkhosini woMhlanga, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu izolo uNdlunkulu uthi kuyaziwa ukuthi ukuhlolwa akwenzeki eMkhosini woMhlanga, kwenziwa eziFundeni ezahlukeni.
"Kuyenzekake ukuthi kubekhona izintombi esezikhulelwe ezithi zibuya eMhlangeni nje zibe ziyishaya phansi ingane. Sigcine singazi ukuthi uphundluleke kanjani unomehlo, umzali waleyo ngane uphunyekeke kanjani. Lokhu kuthunaza isithunzi salo msebenzi, okungagcina mhlawumbe nohulumeni esethi hhayi akusebenzi lutho uma umuntu ekwazi ukuya eMhlangeni, athi abuya nje ngenyanga ezayo useshaya phansi ingane," kuchaza uNdlunkulu MaNdlovu Zulu.
Eqhuba udalule ukuthi kunobufakazi bokuthi into efuze le ike yenzeka phambalini. Wathi kunesiphakamiso sokuthi izintombi ziqale zihlolwe umchamo ngaphambi kokuba zingene ebhasini.
"Sibheke ukuthi ukhulelwe noma awukhulelwe yini, uma ukhulelwe usale phansi bakithi ube uqala ulungiselele ingane ezozalwa. Uma ukhulelwe wangene ebhasini waya laphaya komkhulu wayongcolisa khona kabi, uma ubuya laphaya sakuthola lokho kofanele ukuthi uhlawule, ugeze isigodlo nazo zonke izintombi," esho.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Mntomuhle Khawula uqinisekise ukuthi uMnyango usukulungele ukusingatha uMkhosi woMhlanga.