KUKHUTHAZWA UKUSETSHENZISWA KWEZILIMI ZABOMDABU
LINDOKUHLE NGCOBO
KUGQUGQUZELWA umphakathi ukuthi ukhulume izilimi zomdabu. Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi kugujwa usuku lomhlaba jikelele lokuhumusha izilimi eBruntville Community Hall, eMooi River.
Kulo mcimbi bekukhona abafundi ebebenza imidlalo yolwazi ngolimi, ukufunda izindaba, ukuxoxa izinganekwane nomncintiswano wezinkondlo. Laba bafundi benze ezibukwayo, ikakhulukazi ngesikhathi bechaza isiqubulo salo nyaka esithi: "Ukubaluleka Kokufaka Izilimi Zomdabu Kuwo Wonke Umkhakha Wempilo."
Okube seqhulwini kulolu suku ukuvezwa kwamasiko nokukhuthaza ukukhulunywa kwezilimi zomdabu kuzo zonke izindawo zempilo.
Ekhuluma neNews Avenue uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Mntomuhle Khawula uthe ufisa amalungu ephalamende, ekukhuthalele ukukhuluma izilimi zawo.
"Siyabagqugquzela abaholi, abakhulume isiZulu, asikhulunywe isiXhosa, isiPedi, isiTswana ephalamende. Malungu ephalamende boNgqongqoshe azikhulunywe izilimi zethu zomdabu zaseNingizimu Afrika," kubeka uKhawula.
Eqhuba uKhawula uveze ukuthi zonke izilimi ziyalingana, nakuba abantu abaningi kuleli bekhuluma isiZulu.