KUKHUTHAZWA UKUNAKEKELWA KWEMVELO
LINDOKUHLE NGCOBO
KUGQUGQUZELWA umphakathi ukuthi uhloniphe imvelo.
Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi inkampani iMondi, abafundi, othisha noMasipala uMthonjaneni bebungaza inyanga yokutshala izihlahla.
UMeya waseMthonjaneni uKhansela Mbangiseni Biyela neMondi bavakashele izikole zaseMthonjaneni. Lo mbungazo uqale eNtuthuko Primary School, kwaNxusa High school, Mthonjaneni High school naseThubalethu Primary school.
UBiyela ukhuthaze abafundi ukuthi banakekele izihlahla ngoba zimqoka kakhulu ezimpilweni zabantu.
"Kuwuhlelo olwenziwa umhlaba wonke ukukhuthaza indima edlalwa isihlahla, ikakhulukazi lezi ezinomthunzi nokubaluleka kwaso empilweni yomuntu," kubeka uBiyela.