KUKHUTHAZWA OSOMABHIZINISI UKUBA BABUYISELE EMPHAKATHINI
USomabhizinisi waseNkandla osezinze eGoli, unxusa ozakwabo (osomabhizinisi) ukuba babuyisele emphakathini yangakubo.
UMnuz Sipho Hadebe, ungumsunguli wenkampani yezokwakha nemishini i-Imbali Industrial Solutions, uveze lokhu namuhla ngesikhathi epha inhlangano yogogo nomkhulu, Izamokuhle Luncheon Club yaseNkungumathe, eMshisandlu, eNkandla izipho zokudla.
Ekhuluma ngesikhathi sokupha, uHadebe ugcizelele ngokubaluleka kokuba osomabhizinisi bangakhohlwa imvelaphi yabo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho inhlupheko isamile khona.
"Sifuna ukunikela ngalokhu okuncane esinakho endaweni esikhulele kuyona. Besingathatha lo mnikelo siwuyise eGoli ngoba sezinze khona, kodwa inhliziyo ayivumelani nalokho. Kusemakhaya lapha, iningi linhlupheko emakhaya, yingakho sibuyisa lapho sizalelwe khona," kusho uHadebe.
Ephetha uthe uhlose ukwenza lo mcimbi ube ngoweminyaka yonke ukuze kuqhubeke kuthuthukiswe indawo yakubo. Kulo mcimbi, uHadebe ubephelezelwa ngamalungu omndeni wakhe, okubalwa kuwo umfowabo omdala, uSolwazi Maurice Hadebe, ongumphathi nomqondisi e-Wits Business School. USolwazi Hadebe ukhuthaze abafundi bakule ndawo ukuba bafundele imisebenzi eyakhayo, ezobasiza ekutheni bakwazi ukuvula amabhizinisi abo esikhathini esizayo.
Ngaphezu komnikelo kaHadebe, inhlangano iNkungumathe NPO, eholwa uMnuz Mthokozi Mchunu, ibambisene nalo mcimbi ngokunikela ngezicathulo kubafundi abangu-80 bamabanga aphansi ezikoleni ezahlukene ezakhele iNkandla.