KUKHUTHAZWA AMADODA UKWAKHA UBUMBANO EMPHAKATHINI
LINDOKUHLE NGCOBO
NJENGOBA kuyinyanga yamadoda, akhuthazwa ukubaqotho, ukuvikela imindeni yawo, ukwakha ukuphepha nokuthuthukisa umphakathi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli ukhuthaza amadoda ukuba enze umehluko ezimpilweni zabantu. Lo mholi uveze lokhu emcimbini wokubungaza inyanga yamadoda, Olundi ngaphansi kwisiFunda iZululand, izolo.
"Njengoba kuyinyanga kaJuly sike sikhulume ngoDkt Nelson Mandela ngoba kukhona akushiya ekuzuzele isizwe. Abantu balapha eZululand ikakhulukazi baKwaZulu-Natal, bake bakhulume ngoMntwana waKwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngoba kukhona ashiya ekutshalele izwe. Kukhona amadoda namanje ahambayo ngezinyawo atshalayo afana nobaba uMbuso Khoza waseShowe, ombonayo ukuthi amadoda atshalayo," kuchaza uNtuli.
Uqhube wagqugquzela ukuba kwande amadoda azotshala okuhle esizweni, kwande ubumbano nozinzo emphakathini. Ephetha uthe amadoda anamandla wokwakha ubumbano nomphakathi onenqubekela phambili.