KUKHUTHAZWA AMADODA UKUKHULUMA NGEZINKING'ABHEKENE NAZO




LINDOKUHLE NGCOBO

KUKHUTHAZWA amadoda ukuba aphumele obala ngezinselelo abhekene nazo empilweni, ukuze ezokwazi ukwakha uzinzo emndenini yawo. 

Lesi siphakamiso sivele kwinkomfa Imbizo yamadoda, eNhloshane Community Hall,  eNkandla izolo. Le mbizo ihlelwe uMkhandlu waseNkandla ophethwe uMeya uKhansela Nonhlanhla Nzuza, kanti ibiholwa uSomlomo woMkhandlu uKhansela Sibusiso Sibiya ngokubambisana nobuholi boMdabu Amakhosi neziNduna. 

Ekhuluma uSibiya uthe bengamadoda aseNkandla bazibona bebalulekile, wancoma iMeya yakulo Mkhandlu ngokungabavaleli ngaphandle bengamadoda. 

"IsiZulu sithi indlela ibuzwa kwabaphambili, kukhona abafowethu abangangami, nabangaphansi kwami kunobaba abadala. Sizovalelana njengamadoda sinikanae amasu namaqhinga, ukuthi indoda ikhala kuphi, indoda ibika kuphi. Indoda akube khona lapho ebika khona ingahlali nezinkinga zize zimbondelane ngaphakathi, kuze kugcine sekuba nomonakalo omkhulu. Sizothi phansi ngokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane emakhaya," kubeka uSibiya. 

Usonhlalakahle wakaFAMSA uNksz Londiwe Mkhize naye uhambe emazwini kaSibiya ngesikhathi ethula inkulumo kule mbizo. Uqugquzela amadoda ukuba aphume ayobika uma kukhona izinkinga abhekene nazo ebudlelwaneni bezothando noma emshadweni. 

"SiwuFAMSA sikhona ukusiza imindeni. Uma ufika kithi njengomuntu wesilisa, usho ukuthi inkinga yakho idalwa unkosikazi sizokwazi ukuthi sibize naye unkosikazi sixoxe naye. Uma kuwukuthi inkinga yakho ithinta nezingane, siyakwazi ukunibiza nonke nezingane sinivalele egimbini elilodwa, ukuze nizokwazi ukukhuluma. Kuyaye kuthiwa indoda ayikhali, chabo indoda iyakhala thina siyayinika indawo yokukhululeka kithi," kuchaza uNksz Mkhize. 

Omunye wababethamele le nkomfa uMnuz Zama Cebekhulu, uthi ubheme wakholwa kule mbizo. Wathi lokhu kuzobalekelela kakhulu njengamadoda.