KUKHUTHAZWA ABESIFAZANE UKUBA BAPHUMELE OBALA NGOKUHLUKUNYEZWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUGQUGQUZELWA abantu besifazane ukuba babike uma bebhekene nenkinga yokuhlunyezwa.
Lokhu kuvezwe uMeya kaMasipala uMlalazi, uKhansela Queen Xulu emcimbini wokubungaza abesifazane nokubakhuthaza ukuthi benzekahle eTown Hall, eShowe ngoLwesibili.

Ekhuluma kulo mcimbi uXulu uthe bewuMkhandlu baqhuba izinhlelo zokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. 

"Sinabo osonhlalakahle, siyabathatha asebedlule esimeni sokuhlukunyezwa beyolulekwa ngokwengqondo. siyabaluleka nokuthi amacala avulwa kanjani. Le emakhaya uthole ukuthi umuntu kade aqala ukuhlukunyezwa kodwa akazi ukuthi uzobika kuphi. Kwesinye isikhathi uthole ukuthi uyesaba nokuyikhuluma indaba yokuhlukumezeka kwakhe," kubeka uMeya uXulu.


Ephetha utshele abesifazane abangafuni ukubika ngezigameko zodlame ngoba bethi bavikela othandiweyo babo, ukuba bakuyeke(abesifazane) lokho bamele iqiniso.