KUKHULU OKUFISWA INKOSI YAMABOVU NGESIZWE SAYO
INkosi yesizwe sabaMbovu ifisa ukuletha ushitsho esizweni sayo.
INkosi Emaul Musawenkosi Ngubane oyiNkosi yesizwe samaMbomvu, eMsinga, uhlale esihlalweni sobukhosi kulonyaka ngoJune emva kokuthi iNkosi emzalayo yaKhothama eminyakeni eyedlule.
UNdabezitha uMbovu usemncane ngokweminyaka njengoba eneminyaka ewu 31 ubudala kodwa izinto azifisela isizwe sakhe ungaze ufunge ukuthi umuntu osekhulile.
INkosi ithi iyafisa ukubona intsha yakulendawo iqhubeka idlala ibhola, njengoba iningi letsha lendawo ichitha isikhathi esiningi ezitolo. Uqhube wathi, bona ngezikhathi zabo babedlala ibhola belusa nezikomo zoyise babo, yingakho bengazange bengene ezintweni ezibhedayo njengoba isikhathi esiningi bebesichitha ezinkundleni zemidlalo.
UNdabezitha uthe uyafisa kakhulu ukuthi isizwe samaMbovu silime sibe namasimu njengoba iningi labantu baseMsinga bephila ngokutshala. Wathi angakuthokozela kakhulu naye ukuthi isizwe sakhe silime njengoba emaningi amasimu akhona kodwa ehleli engenzi lutho, uveze nokuthi uke wavakashela uNgqongqoshe wezoLimo uNksz Thembeni Madlopha eyocela ukuthi elekelele umphakathi wakulesizwe. INkosi Ngubane uthe, uNgqongqoshe wafika ezobona lendawo waphinde waphosa nesandla njengoba sekukhona amasimu asevukile osekuliywa kuwo esigodini saseWolwane. UNgqongqoshe waphinda wathembisa ukubuya nethimba lakhe ngonyaka ozayo ukuze kuzoqhubeka kulinywe.
UMbovu utshele iNews Avenue ukuthi uyafisa ukuthi kube nenxanxathela yezitolo ukuze umphakathi ukwazi ukucosha amathuba omsebenzi. Uthi futhi umphakathi wakulendawo uma uyothenga ezitolo kudingeka ukuthi uyogibela amatekisi njengoba zingekho izitolo ezinkulu abangathenga kuzo.
Wathi isifiso sakhe esikhulu ukuthi kusondele abatshali zimali bezokwakha izitolo ukuze umphakathi uzosizakala.
Uthi okumjabulisa kakhulu ukuthi sekukhona nesiteshi samaphoyisa esakhiwayo ngakho makungakhiwa izitolo abukho ubugebengu obungenzeka njengoba kukhona nabakwasidlodlo.
Ngakho unxenxa osomabhizinisi abafisa ukuletha izitolo ezinkulu ukuthi basondele.
UNdabezitha uphethe ngokuthi kukhona i- One Stop kodwa ayisasebenzi kahle. Ngakho uyafisa ukuthi isebenze ukuze umphakathi ukwazi ukuthola usizo eduze njengoba kulendawo kukhona iminyango kaHulumeni eyahlukene okubalwa uHome Affairs noDSD.
Uthe uyafisa ukuthi nakulesakhiwo kube neSoup Kitchen lapho kuzodla khona abangacoshi entweni njengoba eminye yemindeni idla imbuya ngothi.